Ivolovolo (Feat. Xowla)
Big Zulu
5:08Ayi shun'wenkabi (Ngizomosha) Sawubona mtanami nightemb’ ukuth’ uyaphila Ngokwegama ngu Doris ngyabong’usuze wafika Mzukulu lethamanzi uk’theng’ icold drink ngyafisa Kodw’ ikati lilele reziko sibonga umphefumulo masphila Mntanami angixolise ukuk’moshela isikhathi Okungenzeka ukuthi umatasa kodwa ngeke ngithath isikhathi Mzukulu awulethe icansi umalume ake ahlale phansi Angazi ng’zoqalaphi kodwa ngicel ukuqala phansi Mangithi ngiya bheka umama ugcwele usizi Kodwa imbokodo yokuqina le iyibambe ishisa insimbi Mzukulu uyahlakula kukhal igeja ugcwel insimu Sesizwa ileya nkomo ukuthi silale sidlile ubisi Mntanami angikusho lokhu mina ngazalelwa ukuhlupheka Ngiyinhlekisa emphakathini nginana impuphu noshukela Abanye bathi ngiya thakatha ngithule bengisukela Angyazi injabulo kodwa ezulwini ngiyokhul leka Kuyoze kube nini isimo singashintshi Inhlupheko ndikhala ubusuku nemini Ngothemba kuwe wedwa mdali wami WeJesu nguwe ithemba lami Yebo kunzima nethemba lingiphelele Lobubuhlungu nesimo ngisamukele Imizamo yami iyophela kuwe Ngizophumla xa ndifika kuwe (Shun'wenkabi) Intokozo Mina eyami impilo inzima njengoba ubona amathuna bonke layikhaya bangishiya Lo mntwana osemhlane yena ubabakhe wamphika Kusele mina nomzukulu masihamba kuyosala inxiwa Ngyazi isisho sithi alikho ithuna lendlala Lo mntwana engimtetile unina wamshiya ekhala Lona omdala uhlale ebuza ukuphi umama Wahamba eyofuna itoho akaphindanga wabuya ekhaya Mntanami kunzima kunokuphela iviki ngadlile Ngikhalela umzukulu abuye eskoleni elambile Kodwa usebenza kanzima ukuba nekusasa eliqhakazile Ukuthi uphuma enhluphekweni kodwa ezifundweni uhlal ephasile Eqinisweni mntanami mina ngyafisa ubaba angithathe Kodwa abazukulu mina ngeke ngibalahle Uyazi isifiso sami ukuthi bafunde baphase Nali ithawula mntanami bengaqondile ukuthi ukhale Kuyoze kube nini isimo singashintshi Inhlupheko ndikhala ubusuku nemini Ngothemba kuwe wedwa mdali wami WeJesu nguwe ithemba lami Yebo kunzima nethemba lingiphelele Lobubuhlungu nesimo ngisamukele Imizamo yami iyophela kuwe Ngizophumla xa ndifika kuwe L'yaphuma l'yashona kimi ak'namehluko Yebo ekukhuleni kwami nami ngakhulaa ngnamaphupho Ngthula nje nglalele enkonzweni besh'amahubo Sqalekiso sami ubaba wabamb'elentulo Kwakhala nyonini laykhaya basqalekisa Amathun'alen'ebalani kshod'elami ng'valelise Bengaqondile ukudabukisa Ngiyaxolisa mntanami ak'yon'inhloso nje ukubalisa Namhlannje mntanami asazi siyolala sdleni Indlela yokungsiza ukuyothengis'erankeni Ngiz'vulel'itafuna qokele osheleni okunye ngoklala khona Ng'vuke ngthengis'eskseni Kunzima mntanami sidl'imbuya ngothi Anglaz'icala lami emhlabeni ngiyisoni Kodwa seng'vumile injabulo angiytholi angik'khulule mntanami uhamb'ilanga lingakashoni Kuyoze kube nini isimo singashintshi Inhlupheko ndikhala ubusuku nemini Ngothemba kuwe wedwa mdali wami WeJesu nguwe ithemba lami Yebo kunzima nethemba lingiphelele Lobubuhlungu nesimo ngisamukele Imizamo yami iyophela kuwe Ngizophumla xa ndifika kuwe